Kuyoze kube nini unginethisa ngezi mvula
Uyoze ubone nini ukuthi ngi ya ku thanda
Kudala ngibambe ubala olungenawo um’bala
Unyaka neshumi lezinyanga ngikhulumisana nawe
Kanti eyetshe yini eyakho inhliziyo
Vula bo ngingene, lalela ngiya khuluma:
Ngisho nezinyoni kazisayihayi ingoma yothando
Ngoba zizwelana nosizi lwenhliziyo yami
Pho wena wehlulwa yini ukuqondisisa
Ngibabonile bephuma bengena
Ngababona besina bededelana
Amasoka akho
Kodwa angeke bakuthande ngalendlela mina
Engikuthanda ngayo
Thatha nasi isandla sami sihambe sibaleke sindize
Okwezi nyoni silishiye phansi elamagade ahlabayo
Siye kwelamaphupho afezekayo,
kwelothingo-lwenkosazana kanye nelanga eliphumayo.

LLM Mbatha

http://www.poemhunter.com/poem/zulu-ingoma-kuyoze-kube-nini/